5 nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.
6 Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo,
7 befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso.
8 NjengoJane noJambre bamelana noMose, kanjalo laba bamelana neqiniso, abantu abonakele ingqondo, abehluleka enkolweni.
9 Kepha abasayikuqhubekela phambili; ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengokuba kwaba njalo nobabo.
10 Kepha wena walandela isifundiso sami nokuziphatha, nomgomo, nenkolo, nokubheka kade, nothando, nokubekezela,
11 nokuzingelwa, nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu naseListra; ukuzingelwa okunje ngakhuthazela kukho, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.