16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;
17 kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.
18 INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
19 Khonza koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu.
20 U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula.
21 Shesha ufike, kungakangeni ubusika. Bakhonza kuwe o-Evubulu, noPhude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane.
22 INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani.