3 Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,
4 bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.
5 Kepha wena, qonda ezintweni zonke, ubekezele ekuhluphekeni, wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.
6 Ngokuba mina sengiyanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile.
7 Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa;
8 sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.
9 Shesha uze kimi masinyane.