10 owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa.
11 Nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze umusa esiwuphiweyo ngokucela kwabaningi siwubongelwe ngabaningi.
12 Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.
13 Ngokuba asinilobeli okunye, kuphela lokho enikufundayo nenikuqonda kahle; ngiyethemba futhi ukuthi niyakukuqonda kahle kuze kube sekugcineni,
14 njengalokho nisiqondile okwenxenye ukuthi siyiqholo lenu, njengalokhu nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu.
15 Nginalelo themba ngangifuna ukuza kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokwesibili,
16 ngidlule ngakini, ngiye eMakedoniya, ngibuye ngize kini sengivela eMakedoniya, ngiphelekezelwe yinina sengiya eJudiya.