19 Ngokuba abayiziwula nibabekezelela ngenjabulo, lokhu ningabahlakaniphileyo,
20 ngokuba niyabekezela, uma umuntu enenza izigqila, uma enidla, uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni.
21 Ngisho ngamahloni ukuthi kade sibuthakathaka. Kepha kulokho umuntu anesibindi ngakho -- ngikhuluma ngobuwula -- nami nginesibindi ngakho.
22 BangamaHeberu na? Nami. Bangaba-Israyeli na? Nami. Bayinzalo ka-Abrahama na? Nami.
23 Bayizikhonzi zikaKristu na? Ngikhulumisa okohlanya -- ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi.
24 KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo, kushiywa munye emashumini amane;
25 ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini;