30 Uma ngimelwe ukuzibonga, ngiyakuzibonga ngobuthakathaka bami.
31 UNkulunkulu noYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.
32 EDamaseku induna yenkosi u-Aretha yalinda umuzi wamaDamaseku ukuba ingibambe;
33 ngehliswa efasiteleni ngesilulu ogangeni, ngaphepha ezandleni zayo.