1 Kumelwe ukuba ngizibonge noma kungasizi; kepha sengizakuphatha imibono nezambulo zeNkosi.
2 Ngiyamazi umuntu ekuKristu, sekuyiminyaka eyishumi nane -- nakuba wayesemzimbeni angazi, nakuba wayengaphandle komzimba angazi, nguNkulunkulu owaziyo -- onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.
3 Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo -- nakuba wayesemzimbeni, nakuba wayengekho emzimbeni, angazi, nguNkulunkulu owaziyo --
4 ukuthi wahlwithwa wayiswa eParadisi*, wezwa amazwi angakhulumekiyo, okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume.