1 Kepha ngazimisela lokhu nami ngokwami ukuthi angisayikuza kini nginokudabuka.
2 Ngokuba uma mina nginidabukisa, pho, ngubani ongithokozisayo, uma kungesiye odabukiswa yimi, na?
3 Ngakuloba khona lokho, funa kuthi ekufikeni kwami ngithole ukudabuka ngalabo ebengifanele ukuthokoza ngabo, nginethemba ngani nonke ukuthi okwami ukuthokoza kungokwenu nonke.
4 Ngokuba ngosizi olukhulu nangobuhlungu benhliziyo nganilobela nginezinyembezi eziningi, kungabi ngukuba nidabukiswe, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo.
5 Kepha uma kukhona odabukisileyo, akangidabukisanga mina, kodwa, ukuze ngingeqisi, ngokwenxenye unidabukisile nonke.
6 Kumanele onjalo lokho kujeziswa ajeziswa ngakho ngabaningi;