8 Ngalokho ngiyanincenga ukuba nimphathe ngothando;
9 ngokuba ngaloba futhi ngenxa yalokho, ukuze ngokuhlolwa kwenu ngazi ukuba ningabalalelayo ezintweni zonke yini.
10 Kepha lowo enimthethelela utho, nami ngiyamthethelela ngokuba lokho esengikuthethelele, uma kukhona into engiyithetheleleyo, ngikuthethelela ngenxa yenu phambi kobuso bukaKristu,
11 ukuze singehlulwa nguSathane; ngokuba asisibo abangawazi amacebo akhe.
12 Kepha mhla ngifika eTrowa ukuba ngishumayele ivangeli likaKristu, ngivulelwe umnyango eNkosini,
13 angibanga nakuthula emoyeni wami, ngokuba ngingamfumananga uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa kubo, ngaya eMakedoniya.
14 Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke;