10 Ngokuba nalokho okwakhazimuliswayo kwakungenankazimulo, uma kulinganiswa nenkazimulo lena edluleleyo.
11 Ngokuba uma lokho obekuzakuphela kwaba nenkazimulo, ikakhulu okumiyo njalo kunenkazimulo.
12 Ngakho-ke, lokhu sinethemba elinjalo, sinesibindi sonke,
13 asenzi njengoMose owamboza ubuso bakhe ngendwangu, ukuze abantwana bakwa-Israyeli bangakubuki ukugcina kwalokho obekuzakuphela.
14 Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni. Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isahlezi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu;
15 yebo, kuze kube namuhla, nxa kufundwa uMose, indwangu isayimbozile inhliziyo yabo;
16 kepha nxa iphendukela eNkosini, indwangu iyasuswa.