3 nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki* kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.
4 Kepha sinethemba elinjalo ngoKristu kuNkulunkulu,
5 kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,
6 oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esisha, singesiso esegama kodwa esikaMoya; ngokuba igama liyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.
7 Kepha uma inkonzo yokufa, enamagama aqoshiwe ematsheni, yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo,
8 pho, inkonzo kaMoya ayiyikuba nenkazimulo kakhulu kunayo na?
9 Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo, ikakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu.