3 ngokuba sembethe yona, asiyikufunyanwa sihamba ze.
4 Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo sibubula, sisindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa kodwa ukwelakanyiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila.
5 Kepha owasenzela khona lokho nguNkulunkulu owasipha isibambiso esinguMoya.
6 Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini;
7 ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona;
8 simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.
9 Ngalokho futhi, noma sisekhaya noma sahlukene nalo, sihlose ukuba sibe ngabathandeka kuye.