1 Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu --
2 ngokuba uthi:“Ngesikhathi esihle ngikuzwile,nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;”bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; --
3 asibekeli muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa, funa inkonzo yethu isolwe,
4 kepha kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, nasosizini, nasekusweleni, nasekubandezekeni,
5 nasekushayweni, nasekuboshweni, naseziyaluyalwini, nasekukhandlekeni, nasekuqwasheni, nasekuzileni ukudla,
6 nangenhlanzeko, nangokwazi, nangokubekezela, nangobumnene, nangoMoya oNgcwele, nangothando olungazenzisi,