7 nangezwi leqiniso, nangamandla kaNkulunkulu, nangezikhali zokulunga zesokunene nezesokhohlo,
8 ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,
9 njengabangaziwayo kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti bheka, siyaphila, njengabalaywayo kanti asibulawa,
10 njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
11 Umlomo wethu uvulekele ngakini nina baseKorinte, inhliziyo yethu yanulekile;
12 aninyinyekile kithi, kodwa ninyinyekile ezinhliziyweni zenu;
13 kepha ukuze kube khona ukwenanana, ngikhuluma njengakubantwana, yanulekani nani.