9 njengabangaziwayo kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti bheka, siyaphila, njengabalaywayo kanti asibulawa,
10 njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
11 Umlomo wethu uvulekele ngakini nina baseKorinte, inhliziyo yethu yanulekile;
12 aninyinyekile kithi, kodwa ninyinyekile ezinhliziyweni zenu;
13 kepha ukuze kube khona ukwenanana, ngikhuluma njengakubantwana, yanulekani nani.
14 Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?
15 Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?