10 Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.
11 Ngokuba bhekani, khona lokho kudabukiswa kwenu ngokukaNkulunkulu kwaveza kini ukukhuthala okungaka, yebo, nokuziphendulela, nokuthukuthela, nokwesaba, nokulangazela, nokushiseka, nokuphindisela. Kukho konke nazibonakalisa ukuthi nimhlophe kule ndaba.
12 Ngakho nakuba nganilobela, angilobanga ngenxa yowonileyo nokuba ngenxa yowoniweyo kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu.
13 Ngalokho siduduzekile. Nasekududuzekeni kwethu sathokoza impela, ikakhulu ngokuthokoza kukaThithu, ngokuba umoya wakhe uhlunyelelwe yinina nonke;
14 ngokuba uma ngake ngazincoma ngento kuyena ngani, angijabhiswanga; kepha njengokuba konke esakukhuluma kini kwakuyiqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu kuThithu kwaba yiqiniso.
15 Yebo, isihe sakhe sivamile kakhulu ngakini, lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke ukuthi namamukela ngokwesaba nangokuthuthumela.
16 Ngiyathokoza, ngokuba ezintweni zonke nginethemba ngani.