2 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu.
3 Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,
4 kuze kuthi thina ngokwethu sizincome ngani emabandleni kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela kwenu nokukholwa ekuzingelweni kwenu konke nasezinhluphekweni enibekezela kuzo,
5 okuyisiboniso sokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu, ukuze kuthiwe ningabalungele umbuso kaNkulunkulu enihlupheka ngenxa yawo,
6 uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo,
7 aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe,
8 elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,