11 Ngokuba sizwa ukuthi abanye phakathi kwenu bahamba ngokungafanele, bengasebenzi lutho, kepha benza okuyize nje;
12 abanjalo siyabayala sibaluleka eNkosini uJesu Kristu ukuba basebenze ngokuthula, badle esabo isinkwa.
13 Kepha nina bazalwane, ningadinwa ngukwenza okuhle.
14 Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni;
15 kepha ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane.
16 Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
17 Ngiyakhonza ngesandla sami mina Pawulu, okuluphawu ezincwadini zonke; ngiloba kanjalo.