14 Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni;
15 kepha ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane.
16 Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
17 Ngiyakhonza ngesandla sami mina Pawulu, okuluphawu ezincwadini zonke; ngiloba kanjalo.
18 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.