2 Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.
3 Uma-ke sifaka amatomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele, siqondisa nomzimba wonke wawo.
4 Bhekani nemikhumbi, ingaka nje, iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona.
5 Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka;
6 nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo.
7 Ngokuba yonke imvelo yezilwane, neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu;
8 kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo.