1 Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na?
2 Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli;
3 niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.
4 Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.