8 awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda,
9 esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili,
10 kuze kube yihlelo lokuphelela kwezikhathi lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni;
11 kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,
12 ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esethemba ngaphambili kuKristu;
13 kuye nani esenizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, enakholwa nguye futhi, nani nabekwa uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso
14 oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kokungokwakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.