1 Ngenxa yalokho mina Pawulu ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu nina bezizwe --
2 uma ngabe senizwile ngohlelo lomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngenxa yenu
3 ukuthi ngaziswa imfihlakalo ngesambulo, njengalokho sengaloba ngokufushane --
4 okungakho, nxa nikufunda, ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu,
5 bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye, njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya