11 ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;
12 ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.
13 Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.
14 Ngalokho uthi:“Phaphama wena oleleyo,uvuke kwabafileyo,uKristu uzakukukhanyisa.”
15 Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,
16 nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.
17 Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.