20 nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu,
21 nithobelane ngokumesaba uKristu.
22 Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi,
23 ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
24 Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke.
25 Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo
26 ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi,