1 OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:*
2 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
3 Ngiyambonga uNkulunkulu wami ekunikhumbuleni kwami konke
4 ngezikhathi zonke ekunxuseni kwami konke ngani nonke, nginxusa ngokuthokoza,
5 ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje;
6 ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu,
7 njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.