15 Pho, sekwayaphi ukuzihalalisela kwenu na? Ngokuba ngiyanifakazela ngokuthi, uma kwakungenzeka, nanizakukhipha amehlo enu, ninginike wona.
16 Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?
17 Banishisekela ngokungekuhle, yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nishisekele bona.
18 Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo, kungabi nxa ngikhona kini kuphela,
19 bantwana bami, enginemihelo futhi ngani, uKristu aze abunjwe phakathi kini;
20 kepha bengingathanda ngibe khona kini manje, ngiguqule izwi lami, ngokuba ngididekile ngani.
21 Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?