22 Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo.
23 Kodwa eyesigqilakazi izelwe ngokwenyama, kepha eyokhululekileyo izelwe ngesithembiso.
24 Lokhu kungukufanekisa; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili, esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari.
25 Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.
26 Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.
27 Ngokuba kulotshiwe ukuthi:“Thokoza wena nyumba ongazaliyo;mpompoloza wena ongenamihelo;ngokuba abantwana boyisikhwebu baningikunabakhe onendoda.”
28 Kepha nina bazalwane, njengo-Isaka ningabantwana besithembiso.