24 Lokhu kungukufanekisa; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili, esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari.
25 Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.
26 Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.
27 Ngokuba kulotshiwe ukuthi:“Thokoza wena nyumba ongazaliyo;mpompoloza wena ongenamihelo;ngokuba abantwana boyisikhwebu baningikunabakhe onendoda.”
28 Kepha nina bazalwane, njengo-Isaka ningabantwana besithembiso.
29 Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje.
30 Kodwa umbhalo uthini na? Uthi: “Xosha isigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.”