5 ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana.
6 Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!”
7 Njalo-ke awuseyiyo inceku, kepha usuyindodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa futhi ngaye uNkulunkulu.
8 Kepha ngaleso sikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo;
9 kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?
10 Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka.
11 Nginovalo ngani ukuthi mhlawumbe nginihluphekele ngeze.