9 kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?
10 Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka.
11 Nginovalo ngani ukuthi mhlawumbe nginihluphekele ngeze.
12 Yibani njengami, ngokuba nami nginjengani; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho;
13 kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala,
14 nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.
15 Pho, sekwayaphi ukuzihalalisela kwenu na? Ngokuba ngiyanifakazela ngokuthi, uma kwakungenzeka, nanizakukhipha amehlo enu, ninginike wona.