15 Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani.
16 Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.
17 Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.
18 Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.
19 Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala,
20 nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana,
21 nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.