22 Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,
23 nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
24 Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.
25 Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.
26 Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.