3 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.
4 Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye,
5 ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.
6 Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo kuzo zonke izinto ezinhle.
7 Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.
8 Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
9 Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.