24 Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;
25 engenziwa isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu enganikwa sona maqondana nani ukuba ligcwaliswe izwi likaNkulunkulu,
26 ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane, kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe;
27 okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;
28 okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu,
29 engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.