14 esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni;
15 ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso.
16 Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,
17 okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu.
18 Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama,
19 engabambeleli kuye oyinhloko, okungaye umzimba wonke usizwa, uhlanganiswa ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.
20 Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi: