1 Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;
2 nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.
3 Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;
4 nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni.