16 Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.
17 Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
18 Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
19 Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.
20 Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.
21 Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali.
22 Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.