18 Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
19 Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.
20 Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.
21 Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali.
22 Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.
23 Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu,
24 nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.