1 Makhosi, zenzeleni izinceku zenu okulungileyo nokufaneleyo; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini.
2 Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.
3 Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo,
4 ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma.
5 Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.
6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
7 Konke okuqondene nami uyakunazisa khona uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini,