4 ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma.
5 Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.
6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
7 Konke okuqondene nami uyakunazisa khona uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini,
8 engimthumile kini ngakho lokhu ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, aduduze izinhliziyo zenu,
9 kanye no-Onesimu, umzalwane okholekileyo nothandekayo, ongomunye wakini; bazakunazisa konke okwalapha.
10 Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye -- uma efika kini mamukeleni --