6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
7 Konke okuqondene nami uyakunazisa khona uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini,
8 engimthumile kini ngakho lokhu ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, aduduze izinhliziyo zenu,
9 kanye no-Onesimu, umzalwane okholekileyo nothandekayo, ongomunye wakini; bazakunazisa konke okwalapha.
10 Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye -- uma efika kini mamukeleni --
11 noJesu othiwa uJustu; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi.
12 Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu Jesu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.