10 njalo emikhulekweni yami, nginxusa ukuba, uma kungenzeka ngentando kaNkulunkulu, ngiphumelele ukufika kini.
11 Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe,
12 okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami.
13 Angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, kepha ngathiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nezithelo njengakwezinye izizwe.
14 Nginecala kumaGreki nakwabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabangaqondiyo;
15 kanjalo mina ngokwami nginesifiso sokushumayela ivangeli nakinina baseRoma.
16 Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.