1 Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe.
2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda;
3 ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo, abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu.
4 Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.
5 Ngokuba uMose uloba ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni uyakuphila ngakho.