10 ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.
11 Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.”
12 Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye,
13 ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”
14 Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na?
15 Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi:“Yeka, zinhle izinyawozabashumayela izindaba ezinhle.”
16 Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?”