13 ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”
14 Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na?
15 Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi:“Yeka, zinhle izinyawozabashumayela izindaba ezinhle.”
16 Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?”
17 Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.
18 Kepha ngithi: Abezwanga yini na? Yebo, impela:“Izwi labo liphumele emhlabeni wonke,nokusho kwabo kuyenasemikhawulweni yelakhiweyo.”
19 Kepha ngithi: U-Israyeli wayengaqondi na? Kuqala, uMose uthi:“Mina ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe,nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.”