27 Yilesi isivumelwano sami nabo,lapho ngisusa izono zabo.”
28 Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho,
29 ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho.
30 Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo,
31 kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje.
32 Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.
33 Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!