29 ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho.
30 Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo,
31 kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje.
32 Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.
33 Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!
34 Ngokuba“ngubani owawazi umqondo weNkosi na?Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”
35 Noma“ngubani owaqala ukuyiphaukuba kubuyiselwe kuye na?”