6 kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.
7 Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni,
8 njengalokho kulotshiwe ukuthi:“UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo,amehlo okungaboni,nezindlebe zokungezwa,kuze kube lusuku lwanamuhla.”
9 NoDavide uthi:“Itafula labo malibe yisihibe nogibe,nesikhubekiso nempindiselo kubo,
10 kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni,ugobe umhlane wabo njalo.”
11 Ngakho ngithi: Bakhubeka ukuba bawe na? Qha nakanye; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu.
12 Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe, nokuncipha kwabo kuyingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo.