7 Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni,
8 njengalokho kulotshiwe ukuthi:“UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo,amehlo okungaboni,nezindlebe zokungezwa,kuze kube lusuku lwanamuhla.”
9 NoDavide uthi:“Itafula labo malibe yisihibe nogibe,nesikhubekiso nempindiselo kubo,
10 kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni,ugobe umhlane wabo njalo.”
11 Ngakho ngithi: Bakhubeka ukuba bawe na? Qha nakanye; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu.
12 Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe, nokuncipha kwabo kuyingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo.
13 Ngikhuluma kini nina bezizwe. Njengokuba mina ngingumphostoli wabezizwe, ngidumisa ukukhonza kwami